Mpofu.
IMBALI YABANTU BAKOMPOFU / /UMLANDO WABANTU BAKOMPOFU
ABANTU BAKOMPOFU BEHLUKENE KATHATHU:
1. UMpofu wesiShoneni obongwa ngenyamazana.
2. UMpofu wesiXhoseni okuthiwa nguMpofu ngebala lakhe.
3. UMpofu okuthiwa nguMpofu ngokuswela. NgeSiNdebele uMpofu uchaza ukuhlupheka kumbe ukuswela kumbe ubuyanga.
Laba yinzalo yakwaKHUMALO, yisizwe esadatshulwa ngenye yamadodana akoKHUMALO esikhosini owayengumfowabo kaMzilikazi, UNGONYAMA.
UNGONYAMA waxotshwa esizweni samaNtungwa emva kokukhulelisa (ukumithisa) intombi YAKOKHUMALO.
Kwathiwa kabanjwe ajeziswe, wasebaleka wayacatsha ehlathini okwakuthezwa khona inkuni. Ihlathi leli lalibizwa ngokuthi KUSENYANDENI. Kwakungekho lutho kuleli ihlathi ngaphandle kwenkuni kuphela.
UNGONYAMA wangena kuleli hlathi esehlomile, yikho lokhu okwabangela ukuthi lalabo ababemjaha bengamlandeli, besesaba ukuthi umkhonto kaNGONYAMA wawungagava igazi labo.
Bathi-ke bamemeza "uzohlala kulelihlathi, uzokwaziwa njengo WASENYANDENI", baphindela emuva.
_______________________
IZANGELO ZAKO MPOFU.
EmaNyandeni aMpofu kaMatshobane wesiduna seNsingizi, owalandelwa yintombi yathi ngizeka noma ungela nkomo.
Vumisa kaNgcono
Msongi wensimbi ayibeke ekhanda, khona amagwala azobaleka.
Tshobana owagaqa ngamadolo aze aphucuka.
Wena onatha amanzi ngokuwabona, engawabonanga akomi.
Sango libheke ezansi, akwaphumi nkomo, kuphuma amadoda kuphela.
Zingwe zombili ezalwa zabulalana kwantaba Ntshanini.
Ingane ziphakelwa ndawonye.
Ngwadla phangela izigqala zakoLibose.
Vumisa kaGasela, kaKhukhuza, kaNGONYAMA.
Nyandeni, kaMatshobane, kaMangethe, kaNgululu, kaLanga, kaZimangele.
__________________________
This is the story of my identity, the story that is known in the clan, but noone ever could be able to express it because the clan was fractured for the longest time. From the time when I was young.
I only got to know, from enquiry and speaking to all the Elders in the family on my father’s side. Thats how I got to bring the pieces together, because from all the conversations, and interrogation of the oral history, going as far back as I can remember, the discovery was of a common thread that all of the Elders could speak of.
There was a common ancestor that they all knew, and all of them made a common reference to him, he was called Umcatsha (the hidden). He is my ancestor.